Akususwe umdwebo ngoZuma - Uhulumeni

2012-07-06 16:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Uhulumeni waseNingizimu Afrika uthi akususwe ngokushesha isithombe ngoMengameli uJacob Zuma esidwetshwe nguZapiro esifakwe kwi-website yephephandaba iMail & Guardian

"Uhulumeni uthi uJonathan Shapiro owaziwa ngoZapiro akahoxise umdwebo wakhe kuthi iMail & Guardian isuse umdwebo kwi-website yayo," kusho umkhulumeli kahulumeni uJimmy Manyi, esitatimendeni.

Isithombe lesi esiveza isitho sangasese sowesilisa simile kuthiwa siyahlukumeza futhi sibukela phansi isithunzi sikaZuma.

"Kuyaphoxa ukuthi leli phephandaba lingaveza isithombe esinjena, lokhu kungukwedelela okuphindiwe."

"Uhulumeni wezwe kanjalo noMthethosisekelo ukhuthaza abantu namaciko ukuthi bakhulume ngokukhululeka, noma kunjalo amaciko kumele angahlukumezi amalungelo abanye abantu. Kumele aqikelele ukuhlonipha abantu nesithunzi sabo."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...