Akusizwe abokufika eW Cape - Ijaji

2012-07-26 10:06

Cape Town - INkantolo eNKulu eWestern Cape isiyalele uMnyango wezaseKhaya ukuthi uqale ulungise amaphepha abantu bangaphandle ababhalisele ukuthola izimvume zokuba kuleli, kusho umbiko wangoLwesine.

IJaji uDennis Davis uthe umnyango awuvezanga izizathu ezanele ngokuvala isikhungo ebesikhoselise abokufika esiseMaitland, kubika iphephandaba iCape Times.

UDavis uthe ukuphelelwa yisikhathi sokuqasha isikhungo akusona isizathu esanele sokuthi kungaze kuvalwe isikhungo, ikakhulukazi njengoba umnyango usalele emuva ngokukhipha izimvume.

Bonke abasanda kufika batshelwa ukuthi kumele bahambe bayofuna izimvume eMusina eLimpopo.

Umbiko uthe ikhona indlela umnyango ongenza ngayo ukuzama ukusiza abokufika.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...