Akuqokwa abathembeke kuZuma - Mantashe
2013-01-18 16:11
Johannesburg - Alikho ilungu le-African National Congress eliqokelwa esikhundleni ngoba nakhu lethembeke kuMengameli uJacob Zuma, kusho uNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe.
"Lokhu kukhuluma kungukwedelela okuphinidwe kubantu abaningi abaseqenjini,” kusho uMantashe ekhuluma nabezindaba eGoli.
Ukube ukuhlaziywa kwezindaba bekwenziwa ngendlela, ngabe akukho ukukhuluma okufuze lokhu.
UMantashe uthe iqembu lizohlangana nabahlaziyi nezincithabuchopho mayelana nalokhu okushiwo ngamanye amaphephandaba.
“Lokhu kukhuluma kukhomba ukungazi.”
Ukhulukhuluma kukaMantashe kuza ngemuva kwemibiko equbuke ngemuva wenkomfa yeqembu ebanjelwe eMangaung, ngenyanga eyedlule.
Uthe lolu daba kudingidwe ngalo ngesikhathi kuhlangana ikomidi eliphezulu eqenjini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).