Akuqiniswe kwi-maths nesayensi - Uthishanhloko
2013-01-03 13:00
Johannesburg - Kudingeka kunakwe kakhulu i-maths nesayensi, kusho uthishanhloko wesikole saseBenoni, eKurhuleni, esho ngoLwesine ngemuva kokuphuma kwemiphumela kamatikuletsheni.
UJacob Reba, onguthishanhloko wase-Ephes Mamkeli Secondary School eWattville, uthe abafundi bebanga leshumi bahlulekile ukuphasa ngamalengiso kulezi zifundo.
"Kumele sisebenze kanzima ukuze senze kangcono ngoba lezi zifundo, kuhlanganisa ne-Accounting, zibaluleke kakhulu. Yilezi zifundo uhulumeni azibalule njengezibalulekile nezizodingeka."
Abanye abafundi baqale ukutheleka esikoleni ngezithuba zabo-8:15 ukuzolanda imiphumela, lesi sikole singezinye sezikole esenze kahle elokishini.
Bangu-80.2% abaphasile, isibalo sisuka ku-78.8%.
UReba uthe uyayithokozela imiphumela.
"Senza kangcono kunezikole ezingomakhelwane bethu."
Kubafundi abangu-147 abebenza ibanga leshumu, kulesi sikole, bangu-118 abaphasile. Ophase kahle kunabo bonke esikoleni uNkululeko Vilakazi, othole o-A abane no-B abathathu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).