Akuqiniswe imithetho yemigwaqo - DA

2013-01-14 16:43
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ukushona kwabantu abayisikhombisa abashone engozini yetekisi eMpumalanga, kuyizinkomba zokuthi ngempela kumele kuqine imithetho yomgwaqo, kusho iDemocratic Alliance.

"Siiyacela uMnyango wezekuPhepha koMphakathi ukanye noMnyango wezekuThutha, baqinise ukuphepha emigwaqeni, kungabi khona ukuchema nokwenzelela,” kusho ilungu le-DA ePhalamende u-Anthony Benadie.

Abantu abayisikhombisa bashonile ngesikhathi kwehla ingozi ngaseBalfour, ngoMsombuluko, ngesikhathi kuginqika itekisi emgwaqeni ongu-R23.

Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni, uMoeti Mmusi, uthe abantu abalimalile bangeniswe ezibhedlela iBalfour neHeidelberg.

UBenadie uthi indaba yokushona kwabantu emigwaqeni yaseMpumulanga, kumele isukunyelwe.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 17-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...