Akuqashelwe uZuma - ANCYL

2012-11-16 16:28

Johannesburg - Uphiko lwentsha ye-African National Congress eLimpopo luthi alukutholi ukuphumula ngokuphawula kukaMengameli wezwe uJacob Zuma, ophawule wathi wazikhokhela yena imali yokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.

"I-ANCYL iyakhathazeka ngokuphawula kukaMengameli uZuma ophawule ePhalamende wathi uyazikhokhela imali yokulungiswa komuzi wakhe...Siyacela zonke izinhlaka ze-ANC zimqaphele uma ekhuluma, sikholwa wukuthi akasakufanele ukuhola iqembu,"kusho umkhulumeli wophiko esifundazweni uKlaas Mabunda, esitatimendeni.

UMabunda uthe i-ANCYL ikhathazekile ngesamba semali ekhokhwa wuZuma, nyanga zonke, ekhokhela izindleko zokulungiswa komuzi wakhe.

UZuma uzwakalise ukuthukuthela kwakhe ngemibiko ethi uhulumeni uzokhipha isamba esilinganiselwa ku-R200 million, kulungiswe umuzi wakhe.

"Sonke lesiya sakhiwo sizilungisele thina njengomndeni, akusiyo imali kahulumeni," kusho uZuma ephendula amalungu ePhalamende akade empheka ngobhojwana.

UMabunda uphinde wagxeka uNobhala Jikelele weSA Communist Party uBlade Nzimande, ophakamise ukuthi kube nomthetho ozovikela uZuma uma edelelwa.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...