Akuphenywe ngesabasemapulazini - CDP
2013-01-11 13:01
Johannesburg- Kudingeka ikhomishana ezophenya ukuze kuzogwemeka ingxabano kubasebenzi baseWestern Cape, kusho iChristian Democratic Party, ngoLwesihlanu.
Umholi we-CDP uTheunis Botha uthe kudingeka ikhomishana njengoba kuneziteleka zabasebenzi basemapulazini futhi zihambisana nodlame, wathi lolu dlame lungase lubhebhetheke nezwe.
Uthe izinqumo zophenyo olwedlule ngezinkinga ezibhekene nomkhakha wezolimo zihlukene, ngenxa yabathile abanezinhloso zabo kanye nezepolitiki ezinomthelela.
“Okwamanje okwenzakalayo kubonwa ngezindlela ezingafani kangangokuba ukuthola isisombululo kubonakala njengento engeke yenzeke,” kusho Botha.
NgoLwesine amaphoyisa asebenzise imoto yamanzi, izinhlamvu zenjoloba kanye nesiqhumane esivala izindlebe ukuhlakaza isixuku ebesijikijela amaphoyisa ngamatshe.
Isiteleka esabasebenzi abafuna ukukhushulelwa amaholo esuka ku-69 aye ku-150 ngelanga kanti siqale ngoLwesithathu.
I-Agence France Presse (AFP) ibike ukuthi kuboshwe abantu abangu-18 ngoLwesine, nosekubeke isibalo sababoshiwe kusukela kuqale isiteleka ku-62.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).