Akuphenywe nge-etolling - Cosatu
2012-11-30 16:50
Johannesburg - Kumele kuqalwe ikhomishana ezophenya ngodala oluthinta ama-etoll, aseGauteng, kusho uNobhala womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, esifundazweni uDumisani Dakile.
UDakile usho kanjena ngesikhathi kuqhubeka imashi yokulwa nama-etolls, ePitoli ngoLwesihlanu.
"Sifuna ukwazi ukuthi ngobani abaqashwa ukuthi benze umsebenzi, kumele kusungulwe ikhomishana ezophenya ngayo yonke lento ye-etolling,” kuqhuba uDakile ngesikhathi edlulisa uhlu lwezikhalazo kuJames Molao, oyisikhulu soMnyango wezokuThutha.
"Sifuna ukwazi ukuthi ngobani laba abazosisenga imali engaka, unyaka nonyaka.”
UDakile uthi akukho noyedwa umuntu othanda indaba ye-etolling.
"Sifuna uhulumeni acacise ukuthi ngubani kubahlali baseGauteng othanda lento ye-etolling.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).