Akuphenywe ngabashone behlolelwa umsebenzi - SACP

2012-12-31 14:30

Johannesburg - Kumele kusungulwe ithimba elizophenya ngokufa kwabantu abayisikhombisa abakaqe behlolelwa ukuba ngamaphoyisa kamasipala eMgungundlovu, kusho abe SA Communist Party.

"Amakhomanisi akholwa wukuthi kumele kube nophenyo olwenziwayo,” kusho uNobhala esifundazweni uThemba Mthembu, esitatimendeni.

NgoMgqibelo, uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uWillies Mchunu, umise konke ukuhlolwa okwenziwayo kwaRoad Traffic Inspectorate, uma kuzoqashwa amaphoyisa kamasipala.

Lokhu kuze ngemuva kokushona kwabantu bayisikhombisa abakade beyozama inhlanhla.

Balinganiselwa ku-34 000 abantu abaphume ngobuningi beyozama umsebenzi, ekubeni bekufuneka kuphela abantu abangu-90.

Bangu-15 600 ababe yingxenye yokuhlolwa enkundleni yezemidlalo iHarry Gwala Stadium, ngoLwesine nangoLwesihlanu, asaziwa isibalo sabantu abaqulekile kulokhu kuhlolwa, abaningi bangeniswe esibhedlela.

I-SACP KwaZulu-Natal ithi kumele uMchunu athathe izinyathelo kanti iqembu iNkatha Freedom Party, yona ithe ungqongqoshe akashiye isikhundla sakhe.

"Okwenzeke eMgungundlovu kubeka obala ukusebenzisa budedengu amandla nokuhlukumeza abantu," kusho isikhulu se-IFP ePhalamende lesiFundazwe uBlessed Gwala.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



 

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngathengela uMeyiwa iKFC - Khune

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...