'Akuphelile ngesibonelelo sabangasebenzi'

2012-08-30 12:09

Johanessburg - Iphini likaMengameli wezwe uKgalema Motlanthe uthe isinqumo esingujuqu ngobada oluthinta isibonelelo sabantu abasha abangasebenzi sizothathwa kuphela uma abeNational Economic Development and Labour Council (Nedlac), sebephothule uphenyo ngalolu daba.

Okwamanje uhlelo lumisiwe, kubika i-Eyewitness News.

Abaningi bakholwa wukuthi uhlelo lwamiswa ngenxa yokungenelela kweCongress of South African Trade Unions, engahambisani nohlelo.

 “Akumele uhlelo lolu siluthathe sengathi yindaba yezombusazwe ngoba akunjalo, lolu wuhlelo lokuzama ukwakha amathuba omsebenzi kubantu abasha baseNingizimu Afrika.”

 “Isinqumo sokugcina siyokwazeka uma sekuphothulwe konke ngophenyo.”



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...