Akungaxoshwa abaholi abanamava - Manuel

2012-12-14 12:07

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuHlelwa Kwezinto kuHulumeni uTrevor Manuel usexwayise ngakubiza ngokushiywa ngaphandle kwabaholi abanamava eqenjini elibusayo, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

"Isiko le-ANC lithi kumele kusondezwe abantu abanamagalelo basebenzele iqembu. Ilokho ekumele kubuyiswe enhlanganweni," kusho uManuel etshela abezindaba ze-The Star Africa.

"Kuze umuntu ezokwazi ukusiza iqembu, akudingi aze ebe sebuholini obuyisithupha obuphezulu, kumele i-ANC isebenzise amakhono awo wonke amaqabane," echaza.

Ukukhuluma kukaManuel kuza njengoba iqembu libheke emhlanganweni omkhulukazi wokuqokwa kobuholi eMangaung, eFree State, ngeSonto.

Iqembu lizokhetha umengameli walo phakathi kukaMengameli uJacob Zuma neSekela lakhe uKgalema Motlanthe.

UManuel uthi indaba yokuvotelwa kwalezi zinkunzi ayihlangene nakancane nimigomo nezombusazwe kodwa ingomuntu ngqo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 19-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C a mixture of sun and clouds. Hot. PE: 18-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...