Akumile ngabashona behlolelwa umsebenzi
2013-02-19 14:04
Durban - Kuya ngasemephethelweni ukuhlanganiswa kwekhomishana ezokwenza uphenyo ngabayisikhombisa, abashona ngesikhathi behlolelwa umsebenzi wokuba ngamaphoyisa omgwaqo KwaZulu-Natal, kusho uNdunankulu uZweli Mkhize, ngoLwesibili.
UMkhize uthi usetholakele ukhomishana, wathi sekusemome ukuthi kuqale umsebenzi.
Imvume yokuthi kuqhutshwe ikhomishana isitholakele, kusho undunankulu, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini kukade kuqhubeka i-lekgotla yeqembu.
Abantu abayisikhombisa ababefesele umsebenzi, bashona ngesikhathi begijinyiswa ibanga elingu-4km, nokuyingxenye yohlolo lokuhlolelwa lo msebenzi.
Lokhu kwenzeka enkundleni iHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngenyanga kaDisemba.
Oyedwa kwabashona kuthiwa wazibulala, bangu-34 000 abantu abafika bezohlolelwa izikhala zomsebenzi ezingu-90.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA