Akumele kube khona odlwengulwayo - Zuma

2013-02-28 12:06

Johannesburg - Abesifazane nezingane akumele babhekane nodlame noma nokudlwengulwa kuleli laseNingizimu Afrika, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma.

"Akukho muntu wesifazane noma ingane ekumele bashaywe, badlwengulwe, bagwazwe, badutshulwe noma bangahlonishwa ngandlelani ezweni. Akukhathaleki noma lokhu kuhlukumeza kwenziwa ngumuntu owaziwayo noma ongaziwa," kusho uZuma, ekhuluma ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngesikhathi kwethulwa umkhankaso iStop Rape Campaign, eGlendale Secondary School, eMitchells Plain, eWestern Cape.

UZuma uthe ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane kuyisehlo esimbi esihlasele iNingizimu Afrika.

"Kumele sakhe imiphakathi enokunakekela nehlonipha amalungelo abantu besifazane nezingane," kusho umengameli.

Umkhankaso uhlanganiswe nguMnyango wezeMfundo emazingeni aPhansi kanye nabakwaLead SA.

UZuma uthi umkhankaso kumele uqinisekise ukuthi abantu bayabambisana kuliwe nalesi sihlava, wathi abafana nabo bayaba yizisulu zokuhlukunyezwa ngokocansi.

"Kubalulekile ukuthi abantu bakhunjuzwe ukuthi lezi zehlakalo kumele zibikwe emaphoyiseni."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izogugela ejele indoda yembazo

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...