Akumele anikwe ibheyili uPistorius - ANCWL

2013-02-18 08:17

Johannesburg - Umsubathi u-Oscar Pistorius akumele anikezwe ibheyili uma esevela ngaphambi kwenkantolo ngoLwesibili, kusho uphiko lwabesifazane i-ANC Women's League.

Umkhulumeli wophiko uTroy Martens uthi imantshi kumele ikhumbule imibiko yabezindaba ethi umsolwa wenza icala ecabangisise kahle.

"Ngenxa yale mibiko, uphiko luyakuhlaba ukuthi kukhishwe ibheyili, siyacela abashushisi becala bayiphikise kakhulu," kusho uMartens.

UPistorius waboshwa ngoLwesine ngemuva kwezinsolo esithi udubule wabulala intombi yakhe engunobuhle uReeva Steenkamp, 29, owabulawelwa emzini ka-Oscar osePitoli.

Kumanje umsolwa usesitokisini kanti kulindeleke afake isicelo sebheyili ngoLwesibili uma evela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePitoli.

Uphiko lucele ukuthi kungabi nokwenzelela ekuboshweni kukaPistorius, lwathi kumele aphathwe njengazo zonke iziboshwa.

Lube seludlulisa amazwi enduduzo emndenini kaSteenkamp



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...