Akuliwe nomsuka weziteleka - Nxesi

2012-11-23 14:04

Johannesburg - Izimbangela zeziteleka kwezinye izingxenye zomnotho kumele kuliwe nazo ngokushesha, kusho uNgqongsoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas Nxesi, ngoLwesihlanu.

"Besingakahlangabezani nezinkinga ezinkulu kakhulu siyiNingizimu Afrika, sibhekene nemifantwana nje engatheni. Nokho uma kungabhekwanwa nayo kungase kudaleke ingozi," esho ekhuluma eGoli.

UNxesi usho kanjena ekhuluma emhlanganweni wezezinkontileka obanjelwe eKempton Park.

"Kungcono kakhulu ukubhekana nabasebenzi abahlelekile kunokubhekana nabo benhlakanhlaka. Uma benhlakanhlaka uvele ungazi ukuthi uzokhuluma nobani uma besusa udweshu."

Ungqongqoshe uthe akukuningi osekwenziwe ukuguqula izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

"Sikhuluma ngokuthuthukiswa kwabantu nakho konke okunye ekumele kwenziwe ukuphucula izimpilo zabantu. Ziningi izinto ekukhulunywa ngazo....kodwa umbuzo wukuthi ngabe siyazishintsha yini izimpilo zabantu? Abantu bethu abasemazingeni aphansi?"



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe usomatekisi nowakwakhe eKZN

Emizuzwini eyi-1 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...