Akuliwe nokuchitheka kwegazi - Numsa

2012-11-21 15:12
Yabelani Shicilela

Durban - Ukuhluka kwemobono ngokwamaqembu epolitiki akumele kulungiswe ngezikhali kuchithwe igazi, kumele kuhlalwe phansi kuboniswanwe, kusho unyunyana yabasebenza ngensimbi iNational Union of Metalworkers of SA (Numsa), ngoLwesithathu.

"Siyakholelwa kakhulu ekutheni izinto zingalungiswa lingachithekanga igazi, kungahlalwa phansi kuboniswanwe," kusho uNobhala esifundazweni eKwaZulu-Natal uMbuso Ngubane.

UNgubane usho kanjena ephawula mayelana nesehlakalo sokubulawa kukaSihle Menzi Biyela, obengumholi weNkatha Freedom Party, nobulawe ngoMsombuluko.

UBiyela wadutshulwa wabulawa eselokishini laKwaMashu esigcemeni sakwa-A.

"Lokhu kubulala ongenangqondo akunandawo emiphakathini yethu nakwintando yeningi. Abantu baKwaZulu-Natal bafuna kube nokuthula, hhayi ukubulalana," kusho uNgubane.

Amaqembu i-IFP neNational Freedom Party asolana ngalezi zehlakalo zodlame eziyinsaka vukela.

"Sicela bonke osopolitii ukuthi babeke eceleni ukungazwani kwabo bagqugquzele ukuthula."






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...