Akukubi kangako ngama-ARVs eKZN

2012-06-08 12:33

Durban - UMnyango wezeMpilo eKZN uthi noma siphansi isilinganiso semishanguzo yokuthiba igciwane lengculazi, iziguli zona azishodi futhi ziyithola ngendlela, kubika iNewswatch ngoLwesihlanu.

"Isilinganiso sona siphansi kodwa umsebenzi uyaqhubeka," kusho uNgqongqoshe uDokotela Sibongiseni Dhlomo.

UDhlomo uthi uMnyango usiqaphile isimo, phambilini emasontweni amabili edlule kwabikwa ngokushoda kwemishanguzo ezibhedlela nasemitholampilo.

UMnyango wezempilo uthi kwenziwa konke ukuqinisekisa ukuthi abantu abahlali ngaphandle kwemishanguzo yabo.

"Zikhona izinkampani ezenza imishanguzo, ziyaqhubeka nokuthaka amaphilisi, kumanje kubekwe eceleni isamba esingu-R2 269 billion ukubhekelela izinhlelo ezithinta igciwane lengculaza kanye nokuhanjiswa kwemishanguzo."

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 2-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Scattered showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...