Akukhulunywe ngemuva lethu - Umhlaziyi
2012-05-11 16:38
Johannesburg - Umhlaziyi wezombusazwe uSteven Friedman uthi iNingizimu Afrika namanje isayizwe elihlukene phakathi ngodaba lobuhlanga, uthi kumele kukhulunywe ngalokhu kuze kuzoyiwa phambili.
UFriedman usho kanjena kulandela inkulumo eyenziwe nguFW de Klerk, owabe enguMengameli wezwe ngesikhathi ekhuluma nabezindaba zeCNN.
Inkulumo kaDe Klerk ivuse uhlevane kwabaningi ngesikhathi ephawula ethi ubandlululo lwabe lungenasidingo wathi uhlelo lobandlululo lwaluhlukanisa abantu ngokobuhlanga, kodwa abantu bona babelingana.
"Kumele sikhulume ngalezi zinto zangesikhathi esidlule," kusho uFriedman.
"Abantu abathi akungakhulunywa ngazo yilabo abazenyezayo kuphela ngokuthi sisuka kuphi. Abantu abathi asingakhulimi ngobubha yilabo abadla izambane likapondo, abathi singakhulumi ngobandlululo yilabo abahlomula ngalo," echaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).