Akukhokhelwe odokotela ngokushesha - SAMA
2013-02-06 16:38
Johannesburg - AbakwaSA Medical Association sebecele uMnyango wezeMpilo eGauteng ukuthi usheshise uhlelo lokukhokhelwa kodokotela izimali abakweletwa zona.
"Sesicele odokotela ukuthi balethe amagama abo, kuze bezokwazi ukuthi bakhokheleke ngomsebenzi abawenza sekwedlule isikhathi ababekelwe sona. Kumele bakhokhelwe kungenjalo kuhanjiswanwe izinkantolo," kusho usihlalo kusoseshini uPhophi
Ramathuba.
I-SAMA ihlangane noMnyango ngoLwesibili, ngenhloso yokuthi kuboniswanwe ngokukhokhelwa kodokotela.
NgoMsombuluko, kuvele ukuthi abakaholelwa odokotela esibhedlela iChris Hani
Baragwanath, eSoweto, isesibhedlela ePholosong, ise-OR Tambo Memorial kanjalo nasezibhedlela eKurhuleni.
Kuthiwa odokotela baseBaragwanath bebengakawutholi umholo kaJanuwari kanti abaseKurhuleni bona selokhu bagcina ukuhola ngoSephthemba.
UMnyango uthi kukhona odokotela abangayigcwalisanga ngendlela imininingwano yabo, yingakho bebengakaholelwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).