Akukho okusha ngolwaseNkandla - Cosatu

2013-01-28 16:45

Johannesburg - Akukho okusha okukhishwa wumbiko wakamuva okhuluma ngokulungiswa komuzi kaMengameli uJacob Zuma kusho, umfelandawonye wezinyunyana iCosatu.

"Mayelena nodaba lwaseNkandla, akukho okusha okushiwo wumbiko," kusho uNobhala womfelandawonye eGauteng, uDumisani Dakile, etshela abezindaba eGoli.

NgeSonto, uNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas Nxesi, uthe uhulumeni wasebenzisa u-R206 million, ukulungisa ezokuphepha emzini kamengameli.

Imali lena ihlanganisa u-R135 million wezidingo ezithile no-R71 million wezinto ezifana namawindi akwazi ukuvikela imhlamvu kanye namawindi kagesi.

UNgqongqoshe wezokuPhepha uSiyabonga Cwele uveze ukuthi uZuma nomndeni wakhe, abafakanga mali ekuqiniseni kwezokuphepha.

UDakile uthi akumangazi ukuthi kukhona izikhulu zikahulukeni ezahlomula ngalo msebenzi.

"Abantu abakuhulumeni kumele bacacisise ukuthi bafuna ukusebenzela abantu noma bafuna ukuqhuba amabhizinisi,” echaza.

"Kunabantu abasebenzela uhulumeni abathi uma befuna imali yesinkwa bafune u-R200.”

 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...