Akukho okusha ngodlame lwezepolitiki - Cele

2012-11-09 08:39

Durban - Lowo owayengukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uBheki Cele uthe abantu abehlise amaphaphu ngokuthi kuzobheduka udlame lezepolitiki njengoba kuyiwa eMangaung ngoDisemba, kubika iThe Mercury.

Ekhuluma eMhlanga ngoLwesine ebusuku, uthe akukho okushintshe kangakho kusukela ngo-1961 kubhekwe engqungqutheleni ye-ANC eMorogoro, kodwa umlando utshengisa ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile uma sekudlule le ngqungquthela.

Imbangela yothuthuva ukuthi lezi zingqungquthela zithinta wonke umuntu waseNingizimu Afrika, esho.

Uqinisekise izethameli kulo mhlangano ohlelwe yiXubera Institute for Research and Development, ukuthi iKwaZulu-Natal seyadlula kudala odlameni olwake lwayihaqa ngeminyaka yawo-1990.

"Kwabulawa abantu abaningi kakhulu ngo-1993 kwamina ngase ngididekile ukuthi kumele ngihambele muphi umngcwabo," esho.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...