Akukho kuphazamiseka emakhazeni – UMnyango

2012-01-25 09:32

Durban – UMnyango wezeMpilo eKZN uziphikile izinsolo zokuthi kube nokuphazamiseka kwamakhaza ezikhungweni ezimbili zamakhaza kahulumeni kulesiya sifundazwe, kubika iNewswatch.

Lo Mnyango uthi ukholelwa ekutheni lawa ngamahemuhemu aqalwe ngabasebenzi basemakhazeni, nabangaboni ngaso linye noMnyango ngodaba lwamaholo.

Imibiko yabezindaba ithe izidumbu bezingumtshingo ubethwa ngubani emakhazeni akuGale Street nasePhoenix nokuholele ekutheni imindeni ihlehlise imingcwabo ngoba ilinde imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu.

Kukholakala ukuthi abasebenzi basemakhazeni bashaya ngonyawo lonwabu.

Okhulumela lo Mnyango uChris Maxon uthe abakaze bathole zikhalazo ngemindeni okuthiwa kumele ihlehlise imingcwabo.

"Esikwaziyo ukuthi umsebenzi uyaqhubeka kanti nalapho bekushoda khona abasebenzi sibanezelile," esho.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

YVONNE CHAKA CHAKA SURVIVES SHOOTOUT

Emizuzwini eyi-29 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Passing showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...