Akukazwakali lutho ngabashonele esibhedlela eKZN

2011-11-04 13:03

Durban - Kungathatha izinyanga eziningi ngaphambi kokuba imindeni yeziguli ezashonela esibhedlela iKing Edward eThekwini ithole imbangela yokushona kwabo, kubika iNewswatch.

Owesilisa nowesifazane bashonela esibhedlela ngoSepthemba.

Ngesikhathi uMnyango wezeMpilo uthi owesilisa wabulawa ukugula, umndeni wona uthi wabulawa ngabasebenzi.

Izikhulu zithi lesi siguli sowesilisa sasishaya ezinye iziguli. kukholakala ukuthi sashona ngesikhathi abasebenzi bezama ukusibamba.

Omunye weziguli, ongowesifazane, okusolakala ukuthi wahlaselwa yilo mlisa, naye washona kulandela lesi sigameko

Isibhedlela senza ucwaningo lwezidumbu ukuthola imbangela yokushona kowesifazene njengoba kunezinsolo zokushaywa.

Owamaphoyisa uVincent Mdunge uthi nabo benza ucwaningo lwezidumbu njengoba kwavulwa amacala amabili okubulala. kodwa uthi lokhu kungathatha izinyanga eziyisithupha. 


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C More sun than clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-18°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...