Akukaboshwa muntu ngokucwiywa kwengane
2012-05-17 12:05
Durban - Yize sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili namanje ayikaboshwa indoda yaseMatatiele ekuthiwa yazama ukubulala yacwiya ingane ngoba ifuna ukwenza umuthi, kubika iphephandaba iThe
Witness, ngoLwesine.
Usana olunezinyanga eziyisishiyagalolunye lwathengiswa ngo-R300 luthengiselwa owesilisa waseMatatiele, e-Eastern Cape ngenyanga kaSeptemba ngonyaka owedlule.
Indoda yacwiya ingxenye yobuso bengane kanye neminwe emibili yasesandleni sobunxele.
Ingane yabe isisongwa ngengubo yokhelwa ngomlilo.
Enye ingane yezwa usana lukhala yase ihlaba umkhosi ngenhlanhla usana lwasinda.
Imibiko yephephandaba ithi unina wengane wabe engeniswe esibhedlela ngaphambi kwesehlakalo.
Ingane yabe igadiswe isihlobo, esabe sesiyithengisela isoka.
Okhulumela amaphoyisa aseMatatiele uWarrant Officer Raphael Motloung uthi okwamanje kuyaphenywa uthi akekho umuntu oseboshiwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).