Akukaboshwa muntu ngokubulawa komfundisi
2013-12-24 08:38
Siphelele Buthelezi, Daily Sun
Pinetown - Akukaboshwa muntu ngesehlakalo sokugwazwa kubulawe umfundisi waseNewlands, eThekwini, obulawe eNew Germany, ngoLwesihlanu.
Umfundisi lona, kuthiwa ubepake imoto yakhe endaweni avamise ukupaka kuyo khona eNew Germany, esakhuluma nomunye umuntu, kusho umbiko weDaily Sun.
Ngokuhamba kwesikhathi kutholakale isidumbu somfundisi sinamanxeba okugwazwa.
Kuthiwa umfundisi ubenebandla ekhonzisa eNewlands kanti uvelelwe yilo mshophi ephuma emkhulekweni ePinetown.
Ozibonele ngamehlo, uthi umfudnisi ubevamile ukupaka kule ndawo, uthi nangosuku lwesigameko wambona emile ekhuluma nothile owayesemotweni naye.
“Bengijwayele ukubona iVolvo, ipake kule ndawo. Ngemuva kokuhamba kwalona ayekhuluma naye, ngezwa ngomfana othile ethi isicabha semoto sivuliwe kanti umundisi ugcwele igazi," kusho lo mthombo.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uColonel Jay Naicker, kuyaphenywa ngalesi sehlakalo.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun