Akuchithwe uZille - Cosatu

2012-11-21 16:34

Cape Town - Kumele amaqembu ahlangane avote akhiphe esikhundleni uNdunakulu waseWestern Cape uHelen Zille, atshele iPhalamende ukuthi awasamethembi njengomholi.

Lokhu kuvezwe ngabomfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu ngoLwesithathu.

"Ukungethenjwa kukaZille kumele kusekelwe wudaba lokuthi ubazi ngesiteleka sabasebenzi basemapulazini esaqala esifundazweni sakhe,” kusho uNobhala wenyunyana esifundazweni uTony Ehrenreich, esitatimendeni.

UZille akazamanga ukuhlanganisa abalimi nabasebenzi yize abe esazi ngokufufusa kwesiteleka, lesi siteleka silahlekisele imboni yezolimo ngezigidi zemali, kuqhuba u-Ehrenreich.

UZille uthe ayikho inkinga ngokusho kweCosatu, wathi iqembu lakhe lizodingida ngalesi siphakamiso.

"Ayikho inkinga lapho, kumele iCosatu ihlangane neqembu eliwumbimbi nayo i-African National Congress bese benza isiphakamiso ePhalamende,” kusho uZille



 

 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...