Akucaci ngoMotlanthe - Umbiko

2012-12-10 12:05

Johannesburg - Yize noma sekusele izinsukwana nje ezimbalwa ngaphambi kokuthi kuyiwe enkomfeni yobuholi be-African National Congress, eMangaung, uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe akakacacisi noma uzovuma yini ukuthi kuphakanyiswe igama lakhe, liphakanyiselwe esokuhola iqembu.

Umkhulumeli weqembu uJackson Mthembu, uthi isinqumo sikaMotlanthe siyokwaziswa abezindaba.

"Inkomfa iyadinga ukwazi ngesinqumo sakhe," kusho uMthembu.

"Bonke laba abaphumelelayo ukuthi kungaphakanyiswa amagama abo, bayabuzwa yikhomishana yokhetho ukuthi bayavuma yini kuphakanyiswe amagama abo. Lokho kuzokwenzeka kusukela manje kuze kuba kubanjwa inkomfa.

UMthembu uthe okwamanje akekho owaziyo ukuthi ngobani abavume ukuphakanyiswa kwamagama abo, uthi ngisho i-ANC imbala, ayazi.

Izifundazwe iKwaZulu-Natal, Free State, Northern Cape, Eastern Cape, North West neMpumalanga, ziphakamise igama likaMengameli uJacob Zuma, ukuthi aqhubeke abe ngumholi weqembu, kwathi i-ANC Women's League naboMkhonto weSizwe, nabo baphakamisa uZuma.

IGauteng, Limpopo neWestern Cape kanye ne-ANC Youth League, baphakamise igama likaMotlanthe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...