Akucaci kahle ngoMagaqa
2013-01-30 10:02
Johannesburg - Izingxoxo zokuzama ukubuyisela uNobhala Jikelele we-ANC Youth League owamiswa uSindiso Magaqa, azikubeki kucace ukuthi yisiphi isikhundla azongena kuso.
Ngesonto eledlule uMagaqa uhlangane noNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe, kwadingidwa ngesikhundla akade esiqhoqhobele ngaphambi kokuthi amiswe.
Bobabili onobhala bavumile ukuthi kube nezingxoxo kodwa bangadalula okuningi.
Iphephandaba iSowetan lithi uMantashe utshele uMagaqa ukuthi kukhona amalungu angafuni ukuthi abuyele kulesi sikhundla, athi afuna agcine ngokuba yilungu.
UMengameli woPhiko obambile uRonald Lamola, uthe yonke imibuzo ayibhekiswe kuMantashe.
UMagaqa wamiswa emsebenzini kanye noMengameli woPhiko uJulius Malema, owagcina ngokuxoshwa, kanye nomkhulumeli wophiko uFloyd Shivambu, owamiswa iminyaka emithathu.
Yize noma emisiwe uMagaqa, usalokhu engumngani noMalema.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24