Akubungazwe uMandela - DA

2013-02-11 16:32

Johannesburg - INingizimu Afrika kumele ibungaze iminyaka engu-30 loyo owabe enguMengameli wokuqala wenkululeko uNelson Mandela, aphuma ejele.

Lokhu kushiwo yiDemocratic Alliance ngoMsombuluko, ethe kumele uMandela abungazwe ngokuthi kuhlonishwe umbono wakhe ngezwe.

"Akumele neze sikhohlwe wumbono abe enawo ngezwe kanjalo nangoMthethosisekelo, okumanje uyigugu lezwe," kusho isitatimende somholi we-DA uHelen Zille.

UZille uthe abantu baseNingizimu Afrika kumele baqale phansi bazinikele ekuphumeleliseni iphupho likaMadiba athi libukeka lishabalala.

"Bonke abantu bakuleli bayazi ukuthi izwe liyaphuma ekubeni yilokho okwabe kufiswa nguMandela. Abaholi abakhona njengamanje abanawo umbono ofana nokaMadiba."

UZille uthe abaholi bayahluleka ukulwa nezinto ezifana nobubha, ukushoda kwamathuba omsebenzi kanjalo nokuvukelana kwemindeni.

NgeSonto, uMengameli uJacob Zuma uvakashele uMandela emzini wakhe oseGoli, eyodlulisa izilokotho ezinhle.

UZuma uthe uMandela ubebukeka ethokozile.

"Ubemamatheka, kube mnandi ukukhuluma naye ngezinto ezithinta izwe kanjalo nangomqhudelwamo we-Afcon," kusho isitatimende sikaZuma.

UMandela wahlala ejele iminyaka engu-27, waze wadedelwa mhlaka-11 Febhuwari 1990.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...