Akubhekelelwe abasebenzayo - PYA

2013-02-05 16:41

Johannesburg -  I-Youth Wage Subsidy kumele inikwe laba abavele sebesebenza kuze bezokwenza ngcono izimpilo zabo, kusho abeProgressive Youth Alliance, ngoLwesibili.

"Abantu ekumele bathole lesi sibonelelo, kumele kube ngabantu abavele sebesebenza, izimboni ezizimele kumanje zivele sezithwele kanzima, “ kusho uNobhala Jikelele weYoung Communist League of SA (YCLSA) uButi Manamela, ngesikhathi etshela abezindaba eGoli.

I-YCLSA iyingxenye ye-PYA kanye ne-African National Congress Youth League, neSA Students' Congress (Sasco).

UManamela uthi ziningi izinhlelo ezikhona ezengamelwe yizimboni ezizimele.

NgoMsombuluko i-ANC ithe ixoxisana neCongress of SA Trade Unions, ngokuqalwa kwalolu hlelo.

"Kunokuvumelana okukhona phakathi kwe-ANC neCosatu,"  kusho uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe.

ICosatu ebingahambisani nohlelo ithi yesabela ukuthi lungase luqede imisebenzi kwabanye futhi lwenze izinkampani zixhaphaze abasebenzi. 
 


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...