Akube nokuthula ezimayini - Modise

2012-10-05 16:21

Johannesburg - UNdunankulu waseNorth West uThandi Modise usecele ukuthi kube nokuthula ezimayini, usho lokhu njengoba kuqhubeka izehlakalo zezimpi emayini i-Anglo American Platinum (Amplats), eRustenburg.

"Izingxoxo ngamaholo akumele ziphelezelwe wudlame. Kumele kube nokungelela okuphuthumayo, kuze kuzogwemeka isimo esingase sishube. Sinokwesaba, sisaba ukuthi kungase kuqubuke udlame futhi,” kusho uModise ngoLwesihlanu

"Kubi kakhulu lokhu okwenzeka eMarikana, kumele wonke umuntu azitshele ukuthi kumele kugwenywe. Angeke sikwazi ukubhekana nenye iMarikana,” kusho isitatimende sikaModise.

Ngolwesine, kudutshulwe kwabulawa umvukuzi wasemayini i-Amplats, umvukuzi lona ubeyingxenye yalabo abakade beqhinqe egqumeni eliseduze nemikhukhu yaseNkaneng, ePhotsaneng.

Balinganiselwa ku-300 abavukuzi abakhwele phezu kwegquma ngoLwesine.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...