Akenzanga cala uDhlomo - Mkhize

2012-12-03 14:04

Durban - UNdunakulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize usekubeke kwacaca ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uS'bongiseni Dhlomo, akenzanga lutho okungukwephula umthetho, ngesikhathi esebenzisa indiza yezosiso oluphuthumayo, kubika iThe Mercury.

Amaqembu aphikisayo aphakamise ukuthi uDhlomo ashiye isikhundla sakhe ngemuva kokuvela kokuthi wasebenzisa indiza, eyadingakala sekwenzeke ingozi, kumele iphuthumise umfana owayelimele.

U-Asheen Singh, 15, kwaba nguye kuphela osindayo esehlakalweni sengozi eyavelela umndeni wakhe.

Ngesikhathi kwenzeka ingozi, kwadingeka ukuthi umfana aphuthunyiswe esibhedlela yindiza, nokho lokho kwengenzeka njengoba indiza yabe isetshenziswa nguDhlomo, kuthiwa uphuthuma ukuyoxazulula ingxabano eyabe iqhubeka phakathi kukadokotela nentombazane eneminyaka engu-16 ubudala.

Uphenyo oluvezwe yiphephandaba iSunday Tribune, luthi uDhlomo wabe ehambele umngcwabo kaZacharia “Cliff” Zungu, ongumyeni wemenenja yasesibhesdlela kwaHlabisa, uDawn Zungu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...