Akaze aboshelwe ukuzingela uPolela - Amaphoyisa

2013-02-11 14:03

Johannesburg - Akusilo iqiniso ukuthi umkhulumeli wophiko loKlebe uMcIntosh Polela, uke waboshelwa icala lokuzingela ngokungekho emthethweni nokwenzeke eHimeville, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe: "Amanga lawo, akakaze aboshwe".

UMdunge uthe ngokusho kombiko abawamukele ngoLwesine ebusuku, umninipulazi ubone iveni ekukholakala ukuthi belihamba abazingeli wase elijaha.

Ngosizo lomphakathi, abantu abakade behamba ngeveni bagcine bemisiwe, nokho bakhomba umphakathi ngezibhamu, kusho uMdunge.

"Umphakathi ugcine ngokubaleka, nokho wakwazi ukushutha leli veni."

"Amaphoyisa afike abazingeli sebebalekile, asazi ukuthi bangobani. UMcIntosh Polela naye ube sezindabeni ngesikhathi ethi ubezingela epulazini," kuqhuba uMdunge.

Ebuzwa ngalesi sehlakalo uPolela, uqinisekise ukuthi ubezingela eHimeville, ngoLwesine ebusuku.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umbiko oshaqisayo ngekhaya labadala

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...