Akayolashwa eLimpopo uMotsoaledi - DA
2012-07-19 16:46
Johannesburg - IDemocratic Alliance seyiphonse inselelo kuNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke u-Aaron Motsoaledi, yathi akahambe ayochitha usuku njengesiguli, kunoma yisiphi isibhedlela saseLimpopo.
"Ukushoda kwezinsiza ezibhedlela zaseLimpopo kubeka engcupheni izimpilo zeziguli. Iziguli nazo zinelungelo lokwelashwa ngendlela," kusho umkhulumeli weDA uPatricia Kopane.
UMotsoaledi kumele ake ayohlala neziguli esibhedlela, abone usizi ezibhekana nalo, echaza.
"Sithole ukuthi kushoda izinsiza ezibhedlela eziningi eLimpopo, kwezinye izibhedlela izingane ezizelwe zigezwa ngamanzi abandayo ngenxa yakho ukonakala kwezinto.
"Esibhedlela iZebedelia singakuqinisekisa ukuthi izingane zigezwa ngamanzi abandayo, izingane ezizelwe. Umshini wokushisisa amanzi selokhu wafa ngo-2007."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).