Akayi ndawo uMotlanthe - Mantashe
2012-12-20 13:03
Bloemfontein - Akukho zinkomba ezitshengisa ukuthi iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe angase ashenxe kuhulumeni, kusho uNobhalala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ngoLwesine.
"Asikho isidingo sokuthi kuthiwe uMotlanthe uzoshiya esikhundleni sakhe," kusho uMantashe etshela izintatheli eBloemfontein, osukwini lokugcina lwengqungquthela ye-ANC.
UMantashe ukucacisile kodwa ukuthi uMotlanthe akaselona isekela likamengameli we-African National Congress, nokuthi usinqabile isiphakamiso sokuthi aqokelwe esigungwini esiphezulu ku-ANC.
"Ziningi izinto ongazenza ngaphakathi eqenjini ngisho ungekho ku-NEC. Akwenziwa uguquko kuKhabhinethia la."
Okhulumela i-ANC uJackson Mthembu uthe uMotlanthe akayi ndawo, kanti uzokwenza umsebenzi wakhe kuze kuphele ihlandla lakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA