Akasabuthi quthu ugogo odlwenguliwe
2012-08-01 10:03
Gabisile Ngcobo, The Witness
Durban - “Ngezinye izikhathi uyehluleka ukuzibamba avele akhale."
Indodana kagogo odlwenguliwe oneminyaka engu-82 ubudala, waseMambedwini, kwaSwayinane, ichazele iphephandaba iThe witness, usizi umama wayo abhekene nalo njengoba ezama ukudlulisa isehlo sokudwengulwa kwakhe.
Ugogo lona ungowesibili ukuthi adlwengulwe KwaZulu-Natal, esikhathini esingaphansi kwesonto, ugogo oneminyaka engu-94 ubudala naye wadlwengula mhlaka-23 Julayi.
Indodana kagogo ithe yayibukela ibhola ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi izwa umsindo.
“Kwakungumama...wayekhala ethi sebemhlukumezile,wayengasalithwele iduku ekhanda, ngathi nje ngiqeda ukumvulela wase ewa phansi, ekhala."
Owamaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan uthe akukaboshwa muntu ngalesi sigameko, kanti kucelwa unolwazi ukuthi athinte uDetective Captain Themba Malinga ku-033?387?9519 noma ku-079?500?1330.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness