Akaphenyelwa lutho uVavi - Dlamini

2013-02-28 16:21

Johannesburg – UNobhala Jikelele weCongress of SA Trade Unions uZwelinzima Vavi, akaphenyelwa zinsolo, kusho inyunyana ngoLwesine.

"Akukho phenyo oluqhubekayo, unobhala wethu akaphenyelwa lutho," kusho uMengameli weCosatu uSdumo Dlamini.

UDlamini usho kanjena etshela abezindaba eGoli, ngemuva kokusabalala kwemibiko ethi uVavi uyasolwa enkohlakalweni ethize ehlanganisa nokusebenzisa budedengu imali yenyunyana.

Abezindaba bahlawumbisele ukuthi uVavi angase amiswe esikhundleni.

UVavi nomkhulumeli wenyunyana uPatrick Craven batheleke sesiqalile isithangami sabezindaba.

Ekhuluma uthe uyobeka phansi izintambo uma kuvela ubufakazi obuthi uyathinteka enkohlakalweni nasekuxhaphazeni izimali.

“Lokho kuyobe kungukuthunaza amalungu eCosatu,” kusho uVavi.

UDlamini uthe kuzokhishwa umbiko ngemuva kwezingxoxo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...