Akaphendule noShrien - Ubaba ka-Anni

2012-12-06 10:02

Cape Town - Ubaba ka-Anni Dewani uthi amaqiniso azophuma kahle ngokubulawa kwendodakazi yakhe uma umyeni wayo uShrien naye eziphendulela enkantolo.

"Udaba ngokufa kwendodakazi yami alukacaci kahle. Isithombe sizocaca kahle uma uShrien eza eKapa ukuzoziphendulela ngaleli cala," kusho uVinod Hindocha ngesikhathi eseNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

"Mina nonkosikazi wami asikaze silale ubuthongo obuphelele kusukela kwabulawa u-Anni kanti uShrien uyena owazi iqiniso eliphelele."

NgoLwesithathu, uXolile Mngeni, 25, nokunguyena owadubula u-Anni, ugwetshwe udilikajele.

UHindocha uthi indize wazofika kuleli esuka lapho bekulalelwe khona icala ngolukaShrien e-United Kingdom ukubuka uMngeni emehlweni uma sekwethulwa isigwebo.

UDewani, 28, wabulawa esigamekweni esabukeka sengathi badunwa imoto ngoNovemba 2010, eGugulethu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

2014-10-21 18:25
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...