Akananembeza uPhiyega - DA

2012-10-24 14:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ayikhombisi zwelo futhi ayamukelekile indlela uKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega aziphathe ngayo ngesikhathi kuqhubeka iKhomishana kaFarlam, kusho iDemocratic Alliance.

"Akusikho okokuqala uPhiyega ekhombisa ukungazwelani nemindeni yabavukuzi abashona eMarikana," kusho ilungu leDA ePhalamende uDianne Kohler-Barnard.

"Ngemuva nje kwesibhicongo sokubulawa kwabavukuzi, uPhiyega wakhuluma emngcwabeni welinye lamaphoyisa wathi akumele nakancane azisole ngalokhu okwenzekile.”

Iphephandaba iThe Times libike lathi ukhomishana ubonakale ehleka ngesikhathi kuqhuma isililo kukhonjiswa indlela abavukuzi ababulawa ngayo, kuthiwe ubengazi nanyaka ezixoxela futhi emamatheka ngesikhathi kudlalwa isithombe esaqoshwa kudutshulwa abavukuzi abangu-34.

UKohler-Barnard uthe iDA izobhalela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa, imcela ukuthi aphoqe uPhiyega ukuthi axolise ngokuziphatha kwakhe.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...