Akanacala uMpisane - Ummeli

2013-02-08 14:04

Durban - Amaphepha anomkhoshosho ekuthiwa ahanjiswa ngusomabhizinisi uShawn Mpisane, awakaze asetshenziswe ekukhishweni kwamathenda awahlomula kusho ummeli wakhe ngaphambi kweDurban Commercial Crimes Court, ngoLwesihlanu.

UJimmy Howse ongummeli kaMpisane, usho kanjena ngesikhathi encenga ukuthi inkantoli ikhiphe ibheyili.

Umsolwa ubhekene namacala angu-53 ahlanganisa awokukhwabanisa kanye nokubhala imininingwane engasilo iqiniso, ekuthiwa wakwenza ngesikhathi efaka izicelo zamathenda kwabeConstruction Industry Development Board.

UMpisane wahlomula amathenda ka-R140 million, uHowse uthe akukho muhlomulo uMpisane awuthola ngamaphepha angumkhoshosho.

Utshele inkantolo wathi ummangalelwa walivuma icala lokubalekela intela ngo-2005, wathi awekho amanye amacala anawo, kunjalo inkantolo ayinabo ubufakazi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...