Akakwazi ukuhola uZuma - Mazibuko
2012-10-23 07:50
Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma akanalo ikhono lokuphatha njengomholi futhi akanawo
amandla okuthuthukisa izinga leNingizimu Afrika, kusho umholi weDemocratic Alliance ePhalamende, uLindiwe Mazibuko.
Ukukhuluma kukamengameli agxeke umbiko okhishwe yiphephabhuku lase-United Kingdom elibike
lathi iNingizimu Afrika iwela eweni, kukhomba ngokusobala ukuthi akakuqondi
lokhu okwenzekayo, kusho isitatimende sikaMazibuko.
"Esikhundleni sokuthi aphendule aveze uhlelo azolusebenzisa ukuzama
ukubuyisela izinto esimweni, umengameli ukhethe ukungena ezintangeni angxeke
umbiko athi uyedukisa."
UMazibuko uthe ukwenza kukaZuma kubeka obala umengameli owehlulekayo ukuba
ngumholi nokukhulisa umnotho.
Esitatimendeni sikaMazibuko, ucele ukuthi umengameli amemezele uhlelo
azolusebenzisa ukubhekana nesimo somnotho esiqhubekayo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).