Akafuni ukugoba uphondo uJudy Sexwale

2013-02-11 12:02

Johannesburg - UJudy Sexwale akakucabangi nakukucabanga ukuhoxisa izinsolo ezithi umyeni wakhe uTokyo Sexwale, ubemgibela ngezibhakela futhi emhlukumeza nasemoyeni, waphazamiseka nasemqondweni.

Ekhulunyelwa ngummeli wake, uveze ukuthi waqala ukuthanda lo Ngqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, ngesikhathi esasejele eRobben Island.

Imininingwane ngokuxabana kwalaba bashadikazi yabhalwa ephephandabeni langoLwesihlanu iThe Star.

Ummeli kaJudy uBeverly Clark, uthi bamile esitatimendeni esifungelwe.

“Unkosikazi Sexwale akafuni ukuqophisana ngamazwi esidlangalaleni nomyeni wakhe noma nommeli womyeni wakhe. Akakholelwa ekuthini ebekwenzeka emshadweni wakhe, kumele kube yizindaba zomphakathi. Unamathemba okuthi kuzoboniswanwa ngalolu daba bese kuqedwa ngalo."

Encwadini ehanjiswe enkantolo, uJudy ukhale ngokuthi umyeni wakhe wazama ukumfihlela ngomcebo wakhe, kusukela bashada ngo-1993.

Uthi ufuna ukunxeshezelwa ngomuzi ka-R70 million, ifenisha ka-R3 million, kube yimoto engekho ngaphansi kuka-R1 miillion njalo ngemuva kweminyaka emihlanu, kube isamba sika-R150 000, sokuzibheka njalo ngenyanga kanjalo nengxenye yomcebo wakhe.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-29°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-25°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...