Akacatshangelwe uJub Jub - Ummeli

2012-12-05 16:42

Johannesburg - Ijele "lizombulala limqede" umculi olahlwa ngamacala uMolemo "Jub Jub" Maarohanye, kusho ummeli wakhe etshela iNkantolo yeMantshi eProtea, ngolwesithathu.

"Uma esededelwa ngemuva kwesikhathi eside ejele, mancane amathuba okuthi aphinde alungiseke abuyele esimweni esifanele, ngoba akwazeki ukuthi yini ezokonakala kuye," kusho ummeli wakhe uRudi Krause.

"INkosi yeNkantolo kumele ithule isigwebo esingasimbi kakhulu, lokho kuzosiza ekuhlumeleliseni ummangalelwa nemindeni eyalahlekelwa."

UKrause ucele iMantshi uBrian Nemavhidi ukuthi acabange nangekusasa, angagxili kuphela kulokhu osekwenzeka.

"Nkosi yeNkantolo okwenzeka angeke kusaguquleka manje. Kukhona konke okunqumayo ngicela ukhumbule ukuthi udilikajele angeke uhlomulise muntu kuleli cala."

UJub Jub nomngani wakhe uThemba Tshabalala, banamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokusebenzsa izidakamizwa, ukubekelelana ngezimoto emgwaqeni womphakathi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...