Ahoxisiwe amacala kwelokudlwengula

2012-05-04 14:48
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ahoxisiwe amacala okuthumba nokudlwengula intombazane yaseSoweto, ephinde ibe yisisulu sokudlwengulwa yiqulu labafana, abebekwe owesilisa ngoLwesihlanu.

Akuzange kunikezwe zizathu zalokhu kuhoxiswa eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort.

Lo wesilisa, 37, uvele kancane enkantolo.

Ubesolwa ngokugcina  intombazane, 17, ephazamisekile ekhanda, ngaphandle kwemvume yayo emzini wakhe eBraamfischerville, eSoweto.

Ngesikhathi evele enkantolo ngaphambilini wayalelwa ukuba afune ummeli wakhe.

Le ntombazane yalahleka ngoMashi 21 yatholakala emzini wale ndoda emuva kokufunwa ngamaphoyisa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 9-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-16°C Morning clouds. Cool. Bloem: 7-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...