Abumiswe ubulungu bukaMotsepe- SACP
2012-04-13 12:03
Polokwane - Inhlangano yamakhomanisi iSACP isicele ibhodi yakwaSABC ukuthi imise ubulungu bukaNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana eLimpopo uClifford Motsepe.
ISA Communist Party ithi uMotsepe akakulungele ukuba sebhodini ngenxa yobudlelwano bakhe neqembu lezombusazwe.
"Ibhodi yakwaSABC ifanele ukuba yibhodi ekungekho muntu kuyona oseqenjini lezombusazwe. Kunongqongqoshe okhona ebhodini, lokho kuphambene nomthetho, kumele iSABC, ichithe ubulungu bakhe, uMotsepe uphinda abe yilungu lophiko lwentsha ye-ANC," kusho uNobhala weSACP eLimpopo uGilbert Kganyago.
Lokhu kuvele ngesikhathi uKganyago ethula inkulumo ngoChris Hani ongasekho eNyuvesi yaseLimpopo.
Ukukhuluma kweSACP kulandela ukuthi iSABC imise emsebenzini isikhulu emnyangweni wezindaba uPhil Molefe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA