Abokufika babulawa umalaleveva
2011-01-28 12:28
Cape Town - UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape ngoLwesihlanu uthe sekushone abantu ababili abangabokudabuka e-Ethopia bebulawa umalaleveva emva kokuthi bengeniswe esibhedlela sase-East London.
Okhulumela lomyango uSizwe Khupelo uthe lamadoda afike kuleli laseNingizimu Afrika ngasekuqaleni kwalenyanga, kanti lesi sifo abasitholanga kuleli.
Omunye wabalisa, 36, wangeniswa esibhedlela saseFrere ngeSonto washona ngoMsombuluko. Lo omunye, 25, wangena ngoMsombuluko washona ngoLwesibili.
Abanye abantu bathathu baseEthiopia balashelwa lesi sifo eFrere. uKupelo uthi izihlobo zabo ziyabavakashela.
- SAPA