Abhilitile ngenkunzi ama'Sulumane'

2012-08-08 12:04

Durban - Owesifazane waseThekwini usechaze indlela agetshengwe ngayo yiqulu labesifazane abayizigelekeqe abagqokisa okwabenkolo yamaSulumane.

Iphephadaba iDaily News libike ukuthi isigejana lesi esibamba inkunzi, sifaka ingane encane ezindlini zabantu, bese ibheka lokho okungebeka.

UNazera Kathrada waseVerulam utshele iphephandaba ukuthi waba nomunyu ngesikhathi ebona abesifazane abathathu behamba nengane elinganiselwa eminyakeni eyisithupha ubudala, becela usizo kubantu.

UKathrada uthe ngesikhathi ethi ubanikeza imali, bambambe ngenkani bamncikisa odongeni ngesikhathi befaka ingane engene endlini yabuya isiphethe okhiye besango.

“Ingane ibiyazi kahle into ebiyenza, lokho kungikhathaze kakhulu," kusho uKathrada.

Amaphoyisa ayaphenya.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-DA Ibhuqe uPhiyega imthembisa indondo

Emizuzwini eyi-35 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...