AbeLotto banikelele amavolontiya e-Afcon

2013-01-17 16:26

Johannesburg - AbakwaNational Lottery Board bathi sebebeke eceleni isamba esingu-R13.5 million, ngenhloso yokusiza laba abazobe bengamavolontiya emidlalweni ye-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ikomidi elihlela imidlalo lithe umnikelo lona uzosiza ekutheni imidlalo ihambe ngohlelo.

"Sizosebenzisa lemali ukwelekelela amavolontiya ngemali yokugibela, ukudla kanjalo namasentshana. Sinamavolontiya angu-5000," kusho isikhulu seLOC, uMvuso Mbebe.

"Isifundazwe nesifundazwe sinamavolontiya angu-500 azinikele kuze kube kuphela imidlalo ye-Afcon 2013, kuze izokuba yimpumelelo njengemidlalo yendebe yomhlaba.”

Amavolontiya azokwelekelela ngokuhumusha, asize ezindaweni ekuzobe kuqhubeka kuyo imidlalo nangokunye okuningi.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-23°C Sunny. Mild. PE: 8-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...