Abe-eNCA bayaxolisa ngephutha odabeni lukaMandela

2012-12-12 10:04

Cape Town - Abesiteshi sezindaba sikamabonakude i-eNCA bazama ukulungisa iphutha elenzekile ngesikhathi bebika ngokulaliswa esibhedlela kwaloyo owabe engumengameli wezwe uNelson Mandela, beveza inkulumo kankosikazi wakhe yakudala.

Abezindaba baveze umkaMadiba uGraça Machel, ekhuluma enkulumweni yakudala, ethi ukhathazekile ngesimo sempilo umyeni wakhe akuso, bangachaza ukuthi akusiyo inkulumo yakamuva.

Isiteshi lesi sithole ukungatshazwa izindaba zaso, njengoba imithombo neyaphesheya kwezilwandle, yonke ibicaphuna le nkulumo yaso.

NgoLwesibili, kuzwakale umfundi wezindaba ku-eNCA uJeremy Maggs, exolisa ngaleli phutha elenzekile.

Isiteshi senza inkulumo noMachel, ngonyaka ka-2009, inkulumo ibingahlangene nakancane nokungeniswa esibhedlela kukaTata, kwakamuva.

Iphutha le-eNCA, liholele ekutheni imithombo eminingi yezindaba igcine ibika lo mbiko wakudala.

Imithombo ihlanganisa amaphephandaba nama-website, kanti lokhu akwenzekanga eNingizimu Afrika kuphela kodwa kwenzeke nasemazweni ahlanganisa iMelika, iNdiya, i-United Kingdom neSouth America.



"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...