Abe-AfriForum bahambise umasipala enkantolo
2013-02-22 16:14
Johannesburg – Abenhlangano i-AfriForum sebefake isicelo eNkantolo eNkulu eMafikeng, bethi inkantolo ayiphoqe uMasipala waseMatlosana ukuthi ukhokhele inkampani yakwa-Eskom imali ekweletwayo, kusho inhlangano ngoLwesihlanu.
"Sifuna umasipala wenze into efanelekile ukhokhele abakwa-Eskom, kuze kuzogwenywa inkampani ekutheni ivale ukuhanjiswa kukagesi eKlerksdorp naseJouberton," kusho isitatimende senhlangano.
"Sibone kungcono singenelele ngoba umphakathi usele wodwa awusizakali, azikho izimpedulo eziqhamuka kumasipala….siyi-AfriForum samukela izinkomnondo ngokuhanjiswa kwentuthuko usuku nosuku."
Ukungenelala kwe-AfriForum kuza ngemuva kokuthi izakhamuzi zaseKlerksdorp naseJouberton, zisthelwe ukuthi zizovalelwa ugesi kusukela mhlaka-14 Mashi.
"Umasipala awufuni ukukhokha isamba esingu-R91 million esikweletwa abakwa-Eskom. Lokhu kuzoqhubezela izinkinga zokungahanjiswa kwentuthuko.”
-“Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
-Landela
IzindabaNews24 kuTwitter